OWESIFAZANE WATHOLA INDODA KU-FACEBOOK,YAMUPHA IMALI 3-MONTHS BENGAKAZE BEHLANGANE
Nanikuphi ngithole indoda kuFacebook. Sifonelana njalo, kuthi uma sithola isikhathi senze nama-video call. Ubhuti lona ubengipha imali uma kwenzeka, futhi imali anganginika yona ibingabi ngaphansi kuka-R2 000.
Mhlawumbe sajola izinyanga ezintathu singakaze sibonane, kodwa ubhuti lona ubengakhulumi nje ngokuthi sizobonana. Kwaze kwaba yimi engicela ukuthi sibonane, ngoba mina ekhaya ngiKwaNdengezi, yena uthi ungowaseLimpopo kodwa usebenzela eGoli, ngokusho kwakhe.
Ngathi asihleleke nobhuti indaba yokubonana. Sathi mina ngizosuka eThekwini ngiye eGoli. Sesivumelene, ubhuti wavele wenza isimanga ngokufaka imali yokugibela engu-R6 300, wathi ngizobamba ibhanoyi ngoba kuyashesha.
Angizange ngibike ekhaya ukuthi ngiyobona umngani wami eGoli. Ngathi ngizohamba iviki lonke ngoba ngifuna nokubheka amathuba omsebenzi ngale. Ngenhlanhla ekhaya abazange babe nenkinga.
Yilapho-ke engathatha khona izimpahla zami, ngapakisha nesikhwama sami ngalungiselela uhambo lokuya eGoli ukuyohlangana nendoda ebengikhuluma nayo kuFacebook izinyanga ezintathu kodwa singakaze sibonane ubuso nobuso.
Iyaqhubeka ngo part2…

