“ANGISAZIHLUPHI NGOKUTHI ABANTU BAYANGIKHULUMA” — INTOMBAZANE ENOLIMI OLULUDE IYAPHENDULA
Intombazane enolimi olude isiphumele obala yathi isikhathele ukwahlulelwa nokukhulunywa kabi ngabantu ngenxa yesimo solimi lwayo.
Le ntombazane ithi ayisazihluphi ngabantu abayihlekayo noma abayigxekayo, ngoba yona ayizange izikhethele ukuba nolimi olunjalo, kodwa yazalwa inalo.
Ithi kuyayiphatha kabi ukubona abantu behlulela abanye ngenxa yendlela abazalwa ngayo noma izici zemizimba yabo, kuyilapho kungekho muntu ozikhethela ukuthi uzobukeka kanjani.
“Akulungile ukwahlulela umuntu ngendlela adalwe ngayo. Sonke sidalwe ngendlela ehlukile, futhi lokho kufanele kuhlonishwe,” kusho yona.
Wena uthini ngabantu abajwayele ukwahlulela abanye ngenxa yokubukeka kwabo?

