KUTHUSE ABANTU: OWESILISA UBONAKALE EQABULA INGANE ENCANE YENTOMBAZANE FUTHI EYIBAMBA ISITHO SANGASESE
Kusabalale ividiyo ekhombisa owesilisa emi nengane encane yentombazane phansi kwesihlahla emini kwabha, lapho kubonakala khona benza isenzo esingafanele.
Kule vidiyo, lo wesilisa ubonakala eqabula le ngane encane, waze wayibamba ezithweni zayo zangasese.
Lesi sigameko sidale ukukhathazeka okukhulu kubantu abasibonile, ikakhulukazi ngenxa yokuthi ingane incane futhi lesi senzo senzeke emini kwabha.


