Zingu-4 izinhlobo zamaPhenti okufanele umuntu wesifazane abe nazo

Zingu-4 izinhlobo zamaPhenti okufanele umuntu wesifazane abe nazo

Abesifazane banezinhlobo ezahlukene zezingubo zangaphansi (AmaPhenti) , kanti ukukhetha uhlobo olufanele kungancika ohlotsheni lwezingubo umuntu azigqokayo kanye nokunethezeka akufunayo.

Kunezinhlobo ezahlukene okuthiwa zingaba wusizo ukuba nazo njengomuntu wesifazane. Lezi zihlanganisa ama-boy shorts, briefs, hipsters, thongs, French-cut underwear, G-strings kanye nama-control pants.

Ama-boy shorts achazwa njengohlobo olukhululekile nolufana nezikhindi, kanti ama-briefs wona agxile kakhulu ekunethezekeni futhi angagqokwa nezinhlobo eziningi zezingubo.

Ama-hipsters anokhalo oluphansi futhi amboza kakhulu emaceleni, kanti ama-thongs asetshenziswa kakhulu uma umuntu efuna ukugwema ukubonakala komugqa wezingubo zangaphansi ngaphansi kwezingubo eziqinile.

Kuphinde kukhulunywe nge-French-cut, eyaziwa nangokuthi i-high-cut, kanye nama-G-string, wona anendwangu encane kakhulu. Ama-control pants wona enzelwe ukunciphisa noma ukubamba isisu ngenxa yebhande lawo eliqinile.

Lolu uhlobo okufanele lukhethwe ngokuya ngengubo umuntu ayigqokayo kanye nokuthi yini emenza azizwe ekhululekile.

Wena, yiluphi uhlobo lwezingubo zangaphansi ocabanga ukuthi wonke umuntu wesifazane kufanele abe nalo?

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *