OWESILISA ULAHLE UMKAKHE, OBEBETHELA ABANTU NGAMANZI NGE-SPRING DAY

OWESILISA ULAHLE UMKAKHE, OBETHELA ABANTU NGAMANZI NGE-SPRING DAY

LOMLISA UBUYE EMSEBENZINI — WATHOLA UMKAKHE ENGAKAPHEKI, ENGAGEZILE NEZITSHA KODWA EMATASA EDLALA UMDLALO WOKUTHELA ABANTU NGAMANZI, WASE BUPHELA KANJALO UBUDLELWANO!

Indaba yalezi zithandani idale imibono eyahlukene ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthi owesilisa, okuthiwa ngu Themba Mkasi waseLimpopo, kuthiwe ufike ekhaya evela emsebenzini wathola unina wezingane zakhe ezimbili engekho ekhaya.

Ngokwemibiko, uThemba kuthiwa ubengalindele ukuthi uma efika ekhaya, ebuya emsebenzini uzothola umama  wakaakhe ephumile ejabulela iSpring Day eTembisa.

🍲 KUTHOLAKALE NEZITSHA ZINGAGEZIWE.

Kuthiwa isimo saba sibi kakhulu ngesikhathi ebona ukuthi izitsha bezingakagezwa futhi bekungekho nokudla okuphekiwe.

Lokhu kwaholela engxabanweni phakathi kwalaba bobabili, uThemba kuthiwa wanquma ukuqeda ubudlelwano babo ngoba umama wakwakhe ubekhetha ukuphuma ayojabulela usuku lokudlala ngamanzi kunokuhlala ekhaya enakekela imisebenzi yasekhaya.

Umbuzo:
👉 Uma umama wakwakho ephuma eyojabulela iSpring Day ngesikhathi wena usemsebenzini, kanti ufika ekhaya izitsha zingageziwe nokudla kungaphekiwe — ubungenze njani?

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *