💔 IVIDIYO: U-ALABASTER ZWANE UDLULE EMHLABENI NGOKUZIPHONSA OLWANDLE
Akasekho emhlabeni u-Cijimpi Alabaster Zwane, obenguMakhosi futhi obedume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi kuTikTok.
Kusabalele ividiyo ekhombisa uZwane ngesikhathi eziphonsa olwandle eThekwini ngesikhathi ebukhoma kwi-TikTok. Ngaphambi kwalesi sigameko, uzwakala esho amazwi okuvalelisa, ekhuluma ngoNandi.
Phakathi kwamazwi akhe uthe:
“Ngivalelisile… I was waiting 2am… nithi imina owenza ngingayithandi… ngithathi impilo yami… ngikwenzele konke Nandi, wangixhaphaza nezingane zakho.”
Lawa ngamazwi okusolwa uZwane awasho ngaphambi kokuthatha impilo yakhe.
Ngokwemibiko esabalele, lesi sigameko kuthiwa senzeke ngemuva kwengxabano okubikwa ukuthi ube nayo nomuntu abethandana naye uNandu. Nokho, imininingwane egcwele mayelana nalesi sigameko nezimbangela zokushona kwakhe ayikacaci ngokuphelele.
Buka ividiyo ngezansi 👇
Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini, kubangani nakubo bonke abebemazi nabemthanda. 💔🕊️


