UGogo oneminyaka engu-75 ubudala ukhulelwe

Kubikwa ukuthi sibi isimo kuGogo oneminyaka engu-75 ubudala okuthiwa ukhulelwe izinyanga ezingu-15.

Ngokwemibiko esisabalale emphakathini, lo Gogo ubhekene nesimo esinzima njengoba odokotela bekhombisa ukukhathazeka ngezindlela zokumsiza akhulule ingane.

Kuthiwa odokotela sebeke bathi kuzoba nzima ukumjova ngemijovo esetshenziswa uma umuntu engeniswa eTheatre ukuze kube nokuhlinzwa, njengoba kunengozi yokuthi lokho kungalimaza umgogodla wakhe. Kuthiwa leyo mijovo ingabangela ukuthi umgogodla wakhe ukhubazeke unomphela ngenxa yobudala bakhe obuphezulu kanye nesimo sempilo yakhe.

Imithombo ithi odokotela baphakamise ukuthi lo mama kufanele azame ukuzitetela ngokwemvelo ukuze kugwenywe izingozi ezingase zidalwe ukuhlinzwa noma imijovo yaseTheatre. Nokho kuthiwa lesi sinqumo sisabeka ukukhathazeka emndenini nakubantu abasondelene naye njengoba isimo sakhe sithathwa njengesibucayi.

Okwamanje akukacaci kahle ukuthi lesi simo sizophela kanjani, kodwa odokotela kuthiwa basaqhubeka nokumqapha ngokucophelela futhi bezama ukuthola indlela ephephile engamsiza ngaphandle kokubeka impilo yakhe engcupheni.

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *