OWEZIFAZANE OBEHAMBISA AMA-ORDER USINDE ETHUNJWA E-BRYANSTON
Kusinde owesifazane obese Bryanston egaraji, ehambisa ama-order abantu, ngemuva kokuhudulwa ngabesilisa bamfaka emotweni abebehamba ngayo.
Ngokwemininingwane, laba besilisa kuthiwa bathathe nefoni yakhengaphambi kokuba bahambe naye.
Ngenhlanhla, lo wesifazane ukwazile ukuphuma emotweni ngesikhathi isahamba, wabe eseqa/wawa emgwaqweni, washayeka ngekhanda.
Kubikwa ukuthi uthole imihuzuko nokulimala, ikakhulukazi ekhanda, kodwa wakwazi ukusinda kulesi sigameko.
Kuthiwa amaphoyisa asevule uphenyo ukuze kutholakale ukuthi kwenzekeni nokuthi obani abathintekayo.
Abantu bayaxwayiswa ikakhulukazi abesifazane ukuthi baqaphele uma behambisa ama-order noma besebenza ezindaweni ezahlukene, ikakhulukazi uma besebenza bodwa.

