Kuboshwe umama wase Vryheid okopa ingane yakhe (8) aphinde ayimkhothe isitho sayo sangasese
KUBOSHWE UMAMA OSOLWA NGOKUNUKUBEZA INGANE YAKHE ENEMINYAKA EYISISHIYAGALOMBILI-8 — KUTHIWA ICALA LAVULWA KODWA KWABIKWA UKUTHI AKUKHO OKWENZIWAYO
Kubikwa ukuthi owesifazane waseMondlo, e-Vryheid, KwaZulu-Natal, ubhekene nezinsolo ezinzima zokunukubeza ingane yakhe eneminyaka engu-8.
Ngokwemibiko, le ngane kuthiwa yatshela uyise ngezinto ezibuhlungu okusolwa ukuthi bezenzeka ekhaya, kwaze kwaba nezimpawu zokulimala. Uyise ube esethatha ingane wayohlala nayo eRustenburg.
Kuphinde kubikwe ukuthi lo mama ubesolwa ngokuhlukumeza enye ingane encane, udaba olwenze umndeni wafuna ukuthi kuthathwe izinyathelo ezisheshayo zokuvikela izingane.
🚔 KUBIKWA UKUTHI AMACALA AVULIWE:
Imininingwane enikeziwe ikhombisa ukuthi icala laqala ukubhaliswa e-Bedfordview ngo-6 January 2026 ngaphansi kwe-CAS 16/1/2026, ngaphambi kokuthi lidluliselwe e-Rustenburg ngosuku olulandelayo.
E-Rustenburg, leli cala kuthiwa lanikezwa inombolo entsha ethi CAS 327/1/2026, kwathi uW/O CP Monchusi waqokwa njengomseshi wecala.
Umndeni uthi ukhathazekile ngokuthi, yize amacala ebhalisiwe, kubikwa ukuthi sekunesikhathi kungacaci ukuthi kwenzekani ngophenyo.

