USpikili Uthole Intombi Entsha: Uthi “Sengikhathele Ukuhlambalazwa UNaledi Aphiwe”
USpikili, oseke waduma kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngokukhombisa uthando lwakhe kumculi uNaledi Aphiwe, useqale ikhasi elisha empilweni yakhe njengoba esenentombi entsha.
Le ntombi entsha kuthiwa ngu Aisha Dlamini, kanti uSpikili uthi usekulungele ukuqhubekela phambili ngemuva kwesikhathi esinzima adlule kuso ngenxa yothando lwakhe ngoNaledi Aphiwe.
USpikili uveze ukuthi uchithe isikhathi esiningi ezama ukukhombisa uNaledi ukuthi uyamthanda, kodwa izinto zagcina zingahambanga ngendlela abefisa ngayo. Ngokwemibiko, uNaledi wake waveza esidlangalaleni ukuthi akafuni ubudlelwano obumhlanganisa noSpikili.
Kuthiwa lezi zigameko zamthinta kakhulu uSpikili, kwaze kwabikwa ukuthi ngesonto eledlule waphuthunyiswa kudokotela ngenxa yengcindezi abebhekene nayo.
Nokho, kubonakala sengathi manje usezama ukushiya konke lokho ngemuva, njengoba esezibandakanye no-Aisha Dlamini.
USpikili uthi usekhathele ukubhekana nokuhlambalazwa nokudumazeka, yingakho esenqume ukunika uthando olusha ithuba.
Abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana manje sebephenduke ababukeli balolu hambo olusha, njengoba abaningi bezibuza ukuthi ngabe u-Aisha Dlamini uzoba nguyena yini owesifazane ozosiza uSpikili ukuthi akhohlwe ngokuphelele ngoNaledi Aphiwe.


