INTOMBI NTO-75 IFUNA UKUYA EMKHOSINI WOMHLANGA

INTOMBI NTO ENEMINYAKA ENGU-75 UBUDALA IFUNA UKUYA EMKHOSINI WOMHLANGA

UNksz Ngipheni Ngcobo, oneminyaka engu-75 ubudala,uthi usazimisele ngokuya emhlangeni ngenyanga ezayo, njengoba ethi usayintombi nto.

UNksz Ngcobo ucele uhulumeni ukuba umsize ngezinto zokuhamba ezizomyisa emhlangeni, aphinde athole nosizo ngendawo yokulala.

Uthi ngenxa yeminyaka yakhe akasakwazi ukulala nezinye izintombi, yingakho ecela indawo yokulala ezomfanela ngesikhathi somcimbi.

UNksz Ngcobo uthi iminyaka yakhe ayimvimbi ekulandeleni isiko futhi uzimisele ukuya emhlangeni ngenyanga ezayo.

Wena ucabangani? Ingabe uhulumeni kufanele amsize uNksz Ngcobo ukuze akwazi ukuya emhlangeni? 👀

#EzabantuAbadala18

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *