Zidabukise abantu abaningi izindaba zokudlula emhlabeni komculi kamaskandi uScebi “Inkosi Yamagcokama” Dlamini.

Zidabukise abantu abaningi izindaba zokudlula emhlabeni komculi kamaskandi uScebi “Inkosi Yamagcokama” Dlamini.

UScebi Dlamini kubikwa ukuthi ushone ngemuva kokuba sengozini yemoto eyenzeke emgwaqeni uJohn Ross Highway, ngaseMelomed Hospital eRichards Bay, KwaZulu-Natal.

Ukushona kwakhe sekushiye abalandeli bomculo kamaskandi, abanye abaculi, abangani kanye nomndeni bekhala ngokulahlekelwa yiciko ebelisathandwa kakhulu.

Izinkundla zokuxhumana zigcwele amazwi enduduzo nezinkumbulo zabantu abebemazi nabebewuthanda umculo wakhe.

Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini, kubangani, kubalandeli nakubo bonke abathintekile. Sengathi umphefumulo kaScebi Dlamini ungalala ngokuthula. 🕊️💔

By admin

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *